Analysis of Mina ubaba uyangidida

Sthobile Nhloso Ntombela 2001 (Kwazulu Natal)



Mina ubaba uyangidida

Mina kubaba ngijeza ngingone lutho.
Umezokwenza okubi isbonelo mele kube imina.
Sekwaba insakavukela uswazi lugaxwa kumina.
Angisawapholisi amanxeba ayizolo ngoba ngiyazi uzongiphinda.
Angithi sengize ngajwayela sekwabanzima nokulila.
Isimingaki iminyaka ngifika kuye ngikhala ngiheyiza.
Kufane nokuthela amanzi emhlane wedada.
Hhayi ngoba engangizwa uyangiziba .
Kulesisimo sami uyena umenzi mina ngingumenziwa.
Hhayu ngoba angidala yini ,cha ngoba uyangihluphekisa.
Wathi  vumelani izingane zize kuyena ,eziza kuye uyazijezisa ezishenxayo uyazibusisa.
Mhlambe ukuthi angisindisiwe , mina ubaba uyangidida.

Ngikhuleka ngize ngikhulume ngezilimi ngingezwa nokuthi ngithini ,ungaz' uthi  ngiqinisile mangithi indlebe yami iyachichima.
Alidekayo phambi  kwezitha zami elokuthi ngibe yinhlekisa.
Uze  azinike nezigqiki zokuhlala zinethezeke.
Mangisho njalo  ungaz'uthi ngiyeyisa.
Nolimi libuye lushelele ngyaxolisa .

Ngisho ngingone lutho intethelelo ngiyayicela.
Ngizivuma ngize ngiziphike izono ngibe ngimusulwa.
Angithi  vele ngizogwetshwa.
Ngibabuka bewaphonsa amatshe abangenazono.
Ngiyacabanga lona olandelayo owesikhombisa.
Lona okade ephambi kwakhe ujikile ebengabaza.
Zakhula ngaze ngazigunda bengithi nawami asezinweleni.

Ziluma zize zivele utwayi ilokhu ngithi  iyeza.
Ngiwaphupha ecwebile aze adungeke lutho inhlanhla.
Emusamu ngiyishisa ngize ngiyisakaze ngesibhakela
Ngidube kuyafana ngikhuluma ngedwa.
Intambo yasokhalweni yona-ke angiyikhiphanga yazigqashukela.
Amanzi olwandle ngize ngawafaka ushukela.
Angisaliphathi olotswayi olumahhadla luze lwancibikala.
Amakhandlela avuthe aze aphela.
Angichathi kuphela ngize ngigqume ngiphalaze.
Ngamanzi ancwele ngiyachela
Mangingaphika nezibazi ngingabhala kuze kuyoshona ilanga.


Scheme A XBBACDAXEDDA XDFDD CEEBDDB DCCECCCCDCF
Poetic Form
Metre 1011 101111 111111 11111 111111 11111 111111 11111 1111 11011101 1111111 1111111111 1111011 11111111111111 1111111 11111 1111 1111 11111 111111 111 1111 11011 1011111 111111 1111111 111111 11111 1111 1110111 11111 11111 1111 11111 111 111111
Characters 1,767
Words 233
Sentences 33
Stanzas 5
Stanza Lengths 1, 12, 5, 7, 11
Lines Amount 36
Letters per line (avg) 42
Words per line (avg) 6
Letters per stanza (avg) 302
Words per stanza (avg) 41

About this poem

This poem is about a woman who has given up on her faith

Font size:
 

Written on February 21, 2023

Submitted by ntombelasthobile98 on February 21, 2023

Modified on March 14, 2023

1:10 min read
0

Sthobile Nhloso Ntombela

Sthobile Nhloso Ntombela was born in a small town called dundee situated in Kwazulu Natal on the 26th of January 2001. She spent her childhood in this town. At the age of 7 she and her family moved to Johannesburg in the Soweto Diepkloof township. She went to Ekuthuleni combined school in 2008.Then later went to Fons Luminis secondary school where she matriculated in 2019.Sthobile excelled in isiZulu and English language and thats where she discovered her passion of writing through writing essays. more…

All Sthobile Nhloso Ntombela poems | Sthobile Nhloso Ntombela Books

1 fan

Discuss this Sthobile Nhloso Ntombela poem analysis with the community:

0 Comments

    Citation

    Use the citation below to add this poem analysis to your bibliography:

    Style:MLAChicagoAPA

    "Mina ubaba uyangidida" Poetry.com. STANDS4 LLC, 2024. Web. 17 May 2024. <https://www.poetry.com/poem-analysis/153339/mina-ubaba-uyangidida>.

    Become a member!

    Join our community of poets and poetry lovers to share your work and offer feedback and encouragement to writers all over the world!

    May 2024

    Poetry Contest

    Join our monthly contest for an opportunity to win cash prizes and attain global acclaim for your talent.
    14
    days
    4
    hours
    18
    minutes

    Special Program

    Earn Rewards!

    Unlock exciting rewards such as a free mug and free contest pass by commenting on fellow members' poems today!

    Browse Poetry.com

    Quiz

    Are you a poetry master?

    »
    Who wrote the poem, "The cask of Amontillado"?
    A Rudyard Kipling
    B Miguel De Cervantes
    C Edgar Allan Poe
    D Emily Dickinson